AbaHoli beNdabuko banamandla okuthatha izinqumo zomthetho kanjalo nezinqumo zokuphatha. Kubalukile ukuwuqonda umehluko phakathi kwale misebenzi ngoba imithetho esebenza kuyo ihlukile.
Ukuthatha izinqumo zomthetho kwenzeka uma umHoli weNdabuko ebizwa ukuthi azoxazulula ingxabano phakathi kwamalungu omphakathi noma azobhekana nesimangalo esenziwe ngelinye ilungu lomphakathi limangalela elinye. Uma amalungu omphakathi amabili ekholwa ukuthi anelungelo lokuvumela imfuyo yawo ukuthi idle endaweni eyodwa umHoli weNdabuko uyabizwa ukuthi azochaza ukuthi ngubani phakathi kwabo onelungelo lokusebenzisa leyo ndawo. Leso sinqumo ngesomthetho ngoba inhloso yaso ukuxazulula ingxabano. Uma ilungu lomphakathi elilodwa limangalela elinye ngokuthi lebe izinkukhu zalo bese lolu daba lulethwa kumHoli weNdabuko, lokho kuyosho ukuthi kufanele kuthathwe isinqumo somthetho.
Uma ilungu lomphathathi lifaka isicelo kumHoli weNdabuko sokuthi linikezwe isiqeshana sendawo ukuze kudle imfuyo yalo, noma ilungelo lokuthi lakhe indlu yalo endaweni ethile, umHoli weNdabuko uyothatha isinqumo sokuphatha ekubhekeni ukuthi ngabe kufanele yini ukuthi leli lungu linikwe imvume. Ukuthathwa kwezinqumo zokuphatha kwenganyelwe yisigaba sama-33 somThethosisekelo kanye nomThetho owengamele ukuThuthukiswa komThetho wezokuPhatha, we-2000 (Promotion of Administrative Justice Act, 2000). Ngokwalo mThetho zonke izinqumo ezithathwayo noma izinyathelo zokuphatha ezithathwa umHoli weNdabuko kumele zihambisane nomthetho, zibeneqiniso futhi zilandele inqubo efanele.
UmHoli weNdabuko othathe isinqumo sokuphatha noma othathe isinyathelo sokuphatha, kumele uma ecelwa, abhale izizathu azibhalele bonke labo abathintekile ngenxa yaleso sinqumo noma isinyathelo esithathiwe. Uma umHoli weNdabuko enqaba ukunikeza lezo zizathu, lowo ofake isicelo sazo angafaka isicelo enkantolo sokuthi aphoqwe ukuthi anikeze lezo zizathu. Uma izizathu sezinikeziwe futhi lolo hlangothi oluthintekayo lukholwa ukuthi azikho emthethweni, futhi azilandeli inqubo eneqiniso futhi efanele, lolo hlangothi oluthintekayo kumele lufake isicelo enkantolo sokuthi kucutshungulwe kabusha isinqumo.
Umthetho omayelana nokuthathwa kwezinqumo zokuphatha uvela emthethweni ojwayelekile, kodwa manje usungaphansi komThetho owengamele ezokuThuthukiswa komThetho wokuPhatha. Ikhophi yencwajana esihloko esithi 'A Practical Guide to Administrative Justice' izonikwa bonke labo abathamele lesi sifundo. Le ncwajana ihlinzeka ngohlelo lwezinyathelo zokuthathwa kwezinqumo zokuphatha, isinyathelo sokuqala ukubhekwa kwesisekelo lapho umuntu enikezwa khona amandla okuthatha isinqumo noma ukuthatha isinyathelo.
Uma abaHoli beNdabuko bethatha izinqumo zomthetho kumele bahambisane nomThethosisekelo, imigomo yomthetho ojwayelekile emayelana nokuthathwa kwezinqumo kanye namibandela yanoma yikuphi ukuthuthukiswa komthetho. Iningi lendikimba okuzobe kudingidwa ngayo kulesi sifundo izobe imayelana nokuthathwa kwezinqumo zomthetho. Ukuthathwa kwezinqumo zomthetho kumele kwenziwe uma kufakwe isicelo noma uma kubuyekezwa izinqumo.
